Le petition imayelana nezinto ibandla lama Afrika elinganelisekile ngazo elifisa ukuba zilungiswe ngokukhulu ukuphuthuma

Siyibandla lamaAfrika nazi izinto esinganelisekile ngazo esifisa ukuba zilungiswe ngokukhulu ukuphuthuma

1. Umthethosisekelo kumele uguqulwe ukuze kuvunyelwe abesifazane bangene ezikhundleni zobuholi.

2. Sidinga abacwaningi mabhuku abasemthethweni kuvele ukuthi imali isebenze kanjani noma ngabe kusebenze encane.

3. Isonto lidinga ukunakekela inhlalakahle yezezimali yemindeni yabefundisi futhi lisize ezidingweni zemfundo zezingane zabo.

4. Inqaba yebandla kumele igcinwe isesimweni esihle futhi nenqalasizinda nezakhiwo zihlanzwe zibe sesimweni esigculisayo.

5. Abesifazane kumele ukuthi bahlonishwe kakhulu njengoba beyiNingi esontweni. Ulimi oluqosheme olusanda kusetshenziswa komunye wabo obizwe ngo"Mfazi" phambi kwebandla kumele leyoNkulumo ihoxiswe ngokushesha .Kuxoliswe nakubobonke Omama bebandla endaweni efanayo lapho kudicilelwe khona isithunzi somunye umama. Kuzokhumbuleka ukuthi yibona abaneminikelo emkhulu ebandleni.

6. Abefundisi nabefundisikazi kumele banikezwe amandla ngawo wonke amakhono adingekayo afanele imisebenzi yabo yabefundisi yansuku zonke. (Leadership, Conflict Resolution, Emotional Intelligence)

7. Imithetho nemigomo yesonto kufanele ikhulunywe nge-catechism yesonto, hhayi ngamazwi. Lokhu kuzosiza ekugwemeni ukuchazwa kabi nokudideka.

8. uMongo ongenayo iPortfolio asiwudingi, nawo kumele ukhethwe iBandla.

 

Sicela ukuthi uMongameli noMongo usiphendule ucacise ukuthi uyazibophezela ukuthi uzozifeza lezimfuno ezibhalwe ngenhla.


Lasuka Lahlala ACCWPM    Contact the author of the petition

Sign this Petition

By signing, I accept that Lasuka Lahlala ACCWPM will be able to see all the information I provide on this form.


I authorize Lasuka Lahlala ACCWPM to hand over the information I provide on this form to the following parties:




Paid advertising

We will advertise this petition to 3000 people.

Learn more...